Ngazi
Kagcono
ZAMA DLADLA
Isazi Sokusebenza Kwengqondo (Clinical Psychologist) Pretoria, South Africa
HPCSA Reg: PS 0144282
PR No. 0936316
Email: info@zamadladlapsychology.co.za
Ucingo: 066 552 9277
Igama lami uZama wakwa Dladla, ngiyiSazi Sokusebenza Kwengqondo (Clinical Psychologist) eMgungundlovu. Igumbi lami lokusebenzela liku 258B Jean Ave, Die Hoewes, Centurion, 0163. Ngiyilunga elibhalisile elipheleleyo leHealth Professions Council of South Africa njengeSazi Sokusebenza Kwengqondo esizimele (independent Clinical Psychologist).
Igama lami elipheleleyo uZamahlophe, elisho ukuthi loyo ongowabantu bakwaHlophe noma loyo oyilunga labantu bakwaHlophe. Ngiwumsizi ngokomqondo (Psychotherapist) one ntshisekelo kakhulu ekuxhumaneni kwabantu nokuphilisana kwabantu okunempilo.
Ukusebenza kwami kugxile kakhulu ekulapheni ngokukhuluma (therapy) la engilekelela khona abantu ngezingqinamba ezahlukahlukene: i-depression, i-anxiety, ukulahlekelwa othandiweyo, ukuhlukumezeka ngoko moya/ngokomqondo, mood disorders, ingcindezi, obsessive compulsive disorder, eating disorders, ukushintsha kwempilo, isinkinga zobudlelwano nezomshado, izinkinga zocansi, sexuality, personality disoders, nokuhlukumezeka ngokocansi.
Ngivulelekile ukusebenzisana nezinkampani ukufundisa, ukuqeqesha, nokulekelela abasebenzi ngezidingo inkampani ebona bezidinga (conflict resolution, staff development, stress management and emotional functioning: vulnerability, need expression, group functioning). Uma ngiceliwe, ngiyaba isikhulumi ezikoleni, emicimbini, nase emisakazweni ngezihloko eziceliwe. Ngiyasebenzisana futhi nababhali bamaphephandaba, o-magazini, kanye nezinye izikhungo ze-media ngolwazi olumayelana nokusebenza kwengqondo. Ngaphezulu, ngiwumbonisi wabantu abanentshisekelo yokuba iZazi Zokusebenza Kwegqondo zakusasa.
Ngigculiseka khakhulu ngomsebenzi wami uma ngikwazi ukulekelela umuntu ofike nobunzima, ngibone ephola impilo yakhe ishintsha. Egumbini lami lokusebenza ngiyaqikelela ukusebenza ngomqondo ovulekile ohlonipha inkolo, ubuhlanga, ezomoya, kanye ne-sexuality (LGBTQI + bamukelekile)
Usizo ngikwazi ukulinika ngesiNgisi kanye nangesiZulu.
UMLANDO WOKUSEBENZA
La engikhona namhlanje, kuyinhlanganyela yezigaba ezahlukahlukene zokusebenza esengike ngaba nenhlanhla yokuba ingxenye yazo. Ngifunde okuningi, ngabona okuningi kulezizindawo, zidlale iqhaza elikhulu engungakheni nokungisiza ukuthi ngiqonde umsebenzi wami kangcono:
2023
Clinical Psychologist at Institute for Aviation Medicine (South African National Defence Force)
2022
Clinical Psychologist at Akeso Psychiatric Clinic
2021
Psychology Lecturer at Varsity College
2020
Community Service Clinical Psychologist
Edendale Hospital
2017
Intern Clinical Psychologist
1 Military Hospital
2016
Clinical Psychology Volunteer
Phelophepha Health Train
2016
Student Clinical Psychologist
Town Hill Psychiatric Hospital
2015
Psychology Student Volunteer
Fort Napier Hospital
UMLANDO WOKUFUNDA
2016
Master of Social Science: Clinical Psychology
University of KwaZulu-Natal
2015
Bachelor of Social Science (Honours) in Psychology
University of KwaZulu-Natal
2014
Bachelor of Social Science
University of KwaZulu-Natal
Book your Appointment Today >>